Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane usechaze uhlobo lomgadli abaluthungathayo njengoba iwindi lisavuliwe.

Ukudingeka komgadli bekuzicacele bha emdlalweni weDSTV Premiership izolo ngesikhathi iChiefs ihlulwa iRoyal AM ngo 1-0 eChartsworth Stadium.

IGlamour Boys ikhande inqwaba yamathuba esiwombeni sokuqala kodwa abadlali bayo bahlulekile ukuwasebenzisa. IChiefs iqale ngoKeagan Dolly, Khama Billiat no-Ashley Du Preez phambili, abahluphile ezitobheni zeRoyal AM kepha kwaphika sebebhekene nonozinti.

“Namanje sisabheka, uyayibona indlela esifuna ukudlala ngayo. Asifuni umgadli ozofana nalaba esinabo eqenjini. Sifuna umgadli onamandla, ozokwazi ukungqofa ngekhanda, ephinde abambe ibhola isikhathi eside uma sesihlasela. Lokho kuzosinikeza indlela entsha yokuhlasela.

Okwamanje kugcwele abadlali abanejubane, ngabe sikhuluma enye indaba ukube bakwazile ukuba bukhali phambi kwamapali,” kubeka uZwane ecashunwa abeSuperSport TV.