USihlalo waMaZulu uSandile Zungu uthi ezakhe zihlome ngezikhali ezanele ezingasiza ekuqedeni ukucanasa kweMamelodi Sundowns esinqobe iDStv Premiership amahlandla ayisikhombisa kulandelana.
ISundowns iqophe umlando omusha ngesizini ka-2023/24 ngokuqoqa amaphuzu angu-73, okuyinani lamaphuzu ebelingakaze kufinyelelwe kulo emlandweni wePSL.
Usuthu lona beluthwele kanzima isizini yonke, lagcina luqede kunombolo 12. EzikaCijimpi ziyibukele kude iDowns ebashiye ngamaphuzu angu-37.
“IMamelodi Sundowns iyiqembu elikhulu kodwa sinezinhlelo zokuyehlisa esicongweni ehleli kusona. Ngicabanga ukuthi namanye amaqembu afuna ukuyisusa esihlalweni esiqhoqhobele.
“Siyayibongela iSundowns ngokwenza kahle kodwa kufanele siqede ngokubusa kwayo. Kufanele igcine yehlile esicongweni ehleli kuso. AmaZulu afuna ukuqeda ukucanasa kweSundowns.
“Kulula ukukhuluma ngokufaka ukushisa kwiligi ekubeni ushodelwa yizinsiza. Sihlomile ngezinsiza nezikhali njengoba namanye amaqembu eqhubeka nokwenza. Sizokwazi ukufaka ukushisa kwiligi ngoba sinazo izikhali ezifunekayo,” kubeka uZungu ekhuluma nabezindaba ngoMsombuluko.