Umqeqeshi weRoyal AM uDan Malesela uthi bahlela ukunqoba izindebe kulesizini njengoba bezodlala kwimiqhudelwano emine.
Uthi ukushaya iKaizer Chiefs kukubeka obala ukuthi bangakwazi ukunqoba izindebe kulesizini. IThwihli Thwahla ivule isizini ngokushaya iChiefs ngo 1-0 eChartsworth Stadium ngoMgqibelo.
UMalesela uthi bazoqhubeka ngenothi lokunqoba emidlalweni elandelayo.
“UMengameli (Shauwn Mkhize) ufuna siqede kwiTop 8 kodwa ngibona engafuni ukusifakela ingcindezi. Angeke sihlulwe ukuqeda kwiTop 8. Mina ngifuna sidlale, imiphumela izolandela.
Kufanele sizimisele njalo. Angeke singene kwimiqhudelwano ngoba sifuna ukuncintisana kuphela. Kukhona iTop 8 (MTN 8), kufanele siyinqobe. Kufanele siqede endaweni enhle kwiligi, sidlule endaweni esiqede kuyo ngesizini ephelile. Kufanele siwine kwiNedbank Cup,” kubeka uMalesela ekhuluma nabezindaba.
UMalesela uthi akanandaba nokuthi iqembu lidlale ibhola elingelihle, yena ukhathalele umphumela kuphela.
“Asidlalanga ibhola elihle, besingenza kangcono. Amaphuzu amathathu yiwona abalulekile, angifuni ukuthi ekugcineni ngixwayise abadlali ngokuvika izembe. Kufanele sibhekane nemidlalo khona manje,” kubeka lomqeqeshi.
UMalesela uchazekile ngomgadli waseNew Zealand u-Andre De Jong osayiniswe esechithwe AmaZulu FC.
“Nga buka edlala kuMaZulu kodwa bengingabaza ukuthi uzosithola isikimu. Ubengalitholi ijezu kuMaZulu. Ungithusile emidlalweni yesihle, ngibone okuhlukile ngomlungu. Ngijabule ngaye, Kukhulu asengakwenza,” kusho lomqeqeshi.
IThwihli Thwahla izolibangisa eGqeberha ngoLwesithathu iyodlala neChippa United kwiDSTV Premiership.
NgoMgqibelo, iRoyal AM izobhekana neStellenbosch FC kwiligi.