Umqeqeshi weTottenham Hotspurs u-Antonio Conte uthi ufuna ukuqeda isizini ka-2022/23 ngokuqukula i-UEFA Champions League ne-English Premier League.
ISpurs siqede isizini ka-2021/22 sihleli endaweni yesine, sangena kwiChampions League.
Leliqembu litheze kahle emakethe, laqinisa isikwati njengoba lifuna ukuqeda ngeshobolo leminyaka engu-14 linganqobi neyodwa indebe.
ISpurs sisayinise uRicharlison obedlala kwi-Everton, walandelwa u-Ivan Perisic, Yves Bissouma, Djed Spence noClement Lenglet obolekwe kwiBarcelona.
Ukutheza kahle emakethe kunyuse ithemba ku-Antonio Conte, osezibekele umbandela wokunqoba iligi neChampions League ekupheleni kwesizini.
“Sifuna ukunqoba iChampions League nePremier League. Ngifuna ukusiza iqembu lenze kangcono, sikhuphule izinga njengoba senile ezinyangeni eziyisikhombisa ezedlule.
Ukunqoba iChampions League nePremier League nokungena esigabeni samaqoqo kwiChampions League akuchazi ukuthi uphumelele. Kufanele sikhuphule izinga kuzona zonke izindawo ngoba isipiliyoni enginaso singitshela ukuthi sihamba ngendlela efanele,” kubeka uConte ekhuluma nabeSkySports.
UConte uthi u-Olivier Skipp uyena yedwa olimele, ozophuthelwa umdlalo wokuqala neSouthampton ngoMgqibelo.
“U-Olivier Skipp uyena kuphela ozophuthelwa umdlalo weSouthampton. Kufanele silinde izinsuku ezimbalwa ngaphambi kokuqinisekisa ngoBissouma. Akalimele kakhulu kodwa angifuni ukuthatha isinqumo ngokushesha. Sizojima namuhla ukuze ngizombheka kahle,” kusho lomqeqeshi.