Umdlali weStellenbosch FC u-Andre de Jong, ovalele amagoli amabili inqoba ngempelasonto, uthi bawulindele ngabomvu umdlalo wabo neKaizer Chiefs ababheke ukuqoqa amaphuzu aphelele kuwo.
IStellies neChiefs bazotholana phezulu namhlanje eFNB Stadium ngo-19:30. IChiefs izoya kulomdlalo ingaphansi kwengcindezi njengoba ivule unyaka ngesibhaxu, esithole kwelinye iqembu laseKapa, iCape Town City.
Ekhuluma ngaphambi kwalo mdlalo uDe Jong obe yiqhawe iStellies iginqa iLunda Sul ngo 2-0 koweCAF Confederations Cup.
“Kunomoya omuhle, omnandi ekhempeni njengamanje ngemuva komdlalo odlule. Sihlale eGuateng kusukela ngoMgqibelo, ngicabanga ukuthi sonke sibheke ukuthola umphumela omuhle emdlalweni wethu neChiefs,” kusho lo mdlali ecashunwa yiwebsite yeqembu.
“Wumdlalo obalulekile kakhulu kithina ngoba sibhekene nemidlalo yeCAF. Kule nyanga umdlalo wethu neChiefs yiwona wodwa oweligi esizowudlala, sidinga amaphuzu aphelele.
“Ngijabule ngamagoli engiwashaye sibhekene neLUnda Sul, kodwa okubalulekile amaphuzu amathathu asibeke endaweni engcono eqoqweni ngaphambi komdlalo wethu neStade Malien ngeSonto.
“Okwamanje kodwa sigxile emdlalweni wethu neChiefs, kusifakele umfutho ukunqoba ngempelasonto.”
Uma inqoba lo mdlalo iStellies ingase ikhuphukele kunombolo 3 uma iSekhukhune ihluleka ukubuya namaphuzu aphelele emdlalweni wayo naMaZulu FC eThekwini.