Sezithathe elinye igxathu izinhlelo zePyramids FC zokuqasha obengumqeqeshi weWydad Athletic Club uRulani Mokwena.

Ngokombiko weSABC Sport iPyramids, engompetha beCAF Champions League 2024/25 ihlela ukunikeza uRulani umsebenzi wokupheka iqembu uma ihlukana nomqeqeshi odabuka eCroatia uKrunoslav Jurčić.

Ngemuva kokunqoba iChampions League uKrunoslav waveza ukuthi akakanqumi ngekusasa lakhe njengoba ayesazohlala phansi nabaphathi beqembu abezwe ukuthi bathini ngezinhlelo zokuqinisa iqembu.

Lo mqeqeshi wazwakalise okomuntu okungamphathi kahle ukuthi empeleni uqeqesha iqembu elikhulu ngokwemali kuphela e-Egypt ngoba ngokomlando lincane (lisungulwe ngo-2008), futhi alinalo abalandeli abatheni.

URulani ngakolunye uhlangothi ubeshelwa yiZamalek SC kodwa wacela ukuhoxa ezingxoxweni nayo ngoba ixoxisana noPitso Mosimane okuwumuntu amhloniphayo. Njengamanje kubalwa i-Orlando Pirates nePyramids kumaqembu uRulani asaxoxisana nawo ngoba ukubeke kwacaca ukuthi afisi ukuhlala isikhathi eside engasebenzi kanti namaqembu amaningi azoqala ukulungiselela isizini entsha emasontweni amabili ezayo.

Ngokombiko weSABC Sport iPyramids ithumele ithimba lezikhulu zeqembu ukuzoxoxisana noMokwena ngomsebenzi wokupheka leli qembu ngesizini ezayo. Nakanjani uzobekelwa umbandela wokunqoba isicoco seligi nokuzama ukuvikela eseChampions League, okungeke kube lula.