Umgadli uRobert Lewandowski uthi selumphelele uthando lokudlalela iBayern Munchen ayisola ngokungamhloniphi.

ULewandowski, osalelwe unyaka owodwa kwinkontileka yakhe eBavaria, ulokhu ekubeke njalo ukuthi usefuna ukuyodlalela iBarcelona yaseSpain.

ULewandowski ukhala ngokuthi iqembu alifuni ukunyusa iholo lakhe, futhi belishela u-Erling Haaland esidlangalaleni lifuna ukufaka esikhaleni sakhe ngamaqhinga.

IBarcelona isiqalile ukuxhumana neBayern kodwa lamaqembu asahlukene phakathi ngemali.

Ekhuluma neziko lezindaba i-Onet Sport, uLewandowski uphinde walibeka ngembaba elokuthi akaziboni eGermany ngesizini ka-2022/23.

“Selungiphelele uthando lweBayern. Ngifuna ukuhamba kwiBayern, ngiyobheka indawo entsha empilweni yami. Ngifuna ukuyishiya iBayern. Ukwethembeka nokuhloniphana kubalulekile ukudlula umsebenzi, kumele kutholakale isisombululo sokuxazulula loludaba, kusho uLewandowski.

Yize ekhona amanye amaqembu afuna lomdlali, iBarcelona iyona ehamba phambili emjahweni.

“Maningi amaqembu angifunayo. Lilodwa iqembu engikhuluma nalo. Angiwabhekile amanye amaqembu,” kubeka uLewandowski.