Umqeqeshi weSwallows uDylan Kerr uthi usekhathele ukuthethisa abadlali bakhe abageja oqekelele bamathuba.
UKerr ukhulume kanje nabeSupersport TV ngemuva komdlalo wama-Playoffs namaTuks ophele zibambene ngo 0-0.
ISwallows ibivele inenkinga yokugeja kulesizini. Kubukeka sengathi lenkinga iyabalandela ngisho kumaPlay-Offs. IziNyoni zishaye amagoli angu-22 kwiDSTV Premiership.
UKerr uthi kunomkhuba omubi eNingizimu Afrika wokuyekela abadlali bashwebe amathuba kodwa bengathethiswa.
“Kufanele bafake umfutho wokugcina uma bekhahlelela ipali. Kuyenzeka sihleke ejimini uma umdlali egeja ithuba, izikhathi eziningi abadlali bayageja. Sengikhathele ukuthethisa abadlali abagejayo. Shuthi yilona izinga labo. Kuyinto ejwayelekile ukuthi abadlali bageje amathuba alula.
Abadlali abaqinise kahle kukhakhayi, abafuni ukuphothula emdlalweni lokhu abakwenza ejimini. Ngiyazama ukubatshela ngokubaluleka kokusebenzisa amathuba,” kusho uKerr.
ISwallows ihleli endaweni yesibili kumaPlay-Offs. Iyalingana namaTuks ngamaphuzu amane emidlalweni emibili kodwa umehluko amagoli.
AmaTuks azodlala neCape Town All Stars ngoLwesithathu eTuks Stadium. UKerr uthi usebeke ithemba kwi-All Stars ewukudla kwenduku kumaPlay-Offs.
“Ngithemba ukuthi iCape Town All Stars izozimisela. Kufanele bawine ngoba basenalo ithuba lokudlulela kuPSL. Kunzima kubona kodwa kudingeka bavale amabhola amade adlalalwa AmaTuks. Kufanele basebenzise amathuba,” kubeka uKerr.