Umgadli weBanyana Banyana uThembi Kgatlana uthi sesifikile isikhathi sokuthi iqembu likhale lemuke nendebe ye-African Women’s Cup of Nations (AWCON) ezosingathwa eMorocco .
UKgatlana, osekhempini yeBanyana njengoba sebezolibangisa kwi-AWCON ngoJulayi, uthi iqembu sekufanele liqinise kulendebe, likhohlwe kancane ngendebe yoMhlaba engo-2023.
Ngemuva kokushaywa kowamanqamu yiNigeria ngo-2018, lomgadli uthi kufanele bafake umoya kakhulu kulokhu.
“Wonke amaqembu afuna ukuyinqoba i-AWCON. Kulonyaka sisendaweni enhle yokuthi sibuye negolide ekhaya. Kukhona iNigeria neCameroon, kuzoba nzima kakhulu kodwa abadlali sebekulungele ukudlala, umqhudelwano uzoshisa kakhulu.
IBanyana iza kulomqhudelwano ishisa izikhotha njengoba ixebulele iNigeria enkundleni emdlalweni we-Aisha Buhari Cup.
Iqembu eliholwa uDesiree Ellis liqhathwe neBurundi, Botswana neNigeria kuGroup C.
“Ibhola linjalo, ngo-2018 saqhathwa neNigeria. Angeke uzikhethele iqembu olifunayo eqoqweni. Amaqembu aseqhathiwe, sizobhekana neNigeria futhi.
Iqembu elizonqoba eqoqweni lidlulele kuma-quarterfinals lizobonakala ngoJulayi,” kusho uKgatlana.