Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena uthi sekushoda basayinise abadlali abathathu kuphela ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/23.
UMokwena uthi angeke sebekuyekile ukusayinisa inqwaba yabadlali uma kuzoqala isizini entsha.
Njengoba kuvulwe iwindi lokusayinisa abadlali, iSundowns isisayinise u-Abdelmounaim Boutouil, Sipho Mbule kanye no-Abubeker Nasir.
ISundowns igqishe ngabadlali abangaphezulu kuka-40 uma sekubalwa nalabo abekade bebolekisiwe. UMokwena uthi basayinise abadlali abadlala ezindaweni ezidinga ukuqiniswa.
“Uma ubheka amawindi adlule, sesiyekile ukusayinisa abadlali ngaphandle kwesidingo. Sifuna ukusayinisa abadlali abadingakalayo.
Uma ubheka ukusayinisa uBrian Onyango, abantu basigxeka. Baphinde basigxeka sisayina uNeo Maema. Siyakwazi esikudingayo eqenjini, yingakho sisayinise uSurprise Ralani. Simsayinise ngesizathu yize abantu bekhala ngeminyaka yakhe. Akekho isaqhubeka nokukhuluma manje ngoba uselikhombisile izinga lakhe.
Sicubungula izinto eziningi uma sibheka abadlali abangangena khaxa esitayeleni esidlala yiqembu lethu. Namanje sizama ukubheka abadlali abadingeki okwangempela, asifuni abadlali abangu-9 abangeke basize ngalutho. Sibheka izindawo ezidinga ukuqiniswa,” kubeka uRhulani.