UMike Makaab useveze ukuthi iMamelodi Sundowns isele nezinsuku ezimbalwa ukulungisa udaba lwenkontileka kaSipho Mbule, ozoba yi-free agent ngoJune nonyaka uma ingelulwanga.
UMbule ubuyele kwiDowns ngemuva kokuxoshwa kwiSekhukhune ingakapheli inkontileka yokubolekwa kwakhe ngenxa yokuthi wafika ejimini ebukhile.
Njengoba ebukeka ewumdlali ongaziphathi ngendlela, iSundowns isayipakisile indaba yenkontileka yakhe njengoba sekubalwa izinsuku ngaphambi kokuthi abangwe amaqembu ePSL esewumdlali ongatholakala mahhala.
“ISudowns kufanele yelule inkontileka yakhe ngaphambi kokuphela kukaMay, uma bengakwenzi lokho useyi-free agent. Sizobheka ukuthi uzoyaphi ngemuva kwalokho.
“Angikhathazekile. Uwumdlali onekhono. Yebo unezinkinga zakhe, ngeke sikufihle lokho, kodwa uwumdlali onekhono futhi ngiyazi sizombona eshaya into ecokeme.”
Okwamanje awakaveli amaqembu ePSL azimisele ngokuthatha lo mdlali kodwa amaqembu ePSL awavamile ukuyeka umdlali onekhono elingangabazeki ngenxa yenkinga yophuzo oludakayo.