Kubukeka ithwele kanzima iKaizer Chiefs ethungatha abagadli abasha ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/23.
IGlamour Boys iqale ngokuhlola uWayde Lekay obechithwe iTS Galaxy. ULekay uphume ngesamagundane engakaqedi namasonto amabili eNaturena.
Kulandele uCaleb-Bonfils Bimenyimana waseBurundi naye ongasekho ejimini yeMpofana. Kubikwa ukuthi uBimenyimana uwashayile amagoli ambalwa emidlalweni yesihle ebihlelwe iChiefs kodwa umqeqeshi u-Arthur Zwane akamthandanga.
Omunye umdlali obesanda kuzifikela eKaizer Chiefs Village ezozama umsebenzi uDarren Smith usechithiwe naye. USmith (26) uqede isikhathi esimgaphansi kwamasonto amabili, kodwa iqembu laqoka ukumdedela.
UMqondisi wezemiDlalo eqenjini uKaizer Motaung Jnr. ukhulume nabeSAFM Sports, wanaba ngodaba oluthinta abagadli abahlolwa yiqembu.
“Ngiyavuma ukuthi siyashoda kancane ngabadlali. Sikhuluke abagadli abambalwa ngesizini eyedlule. Siyaqhubeka nokubheka abagadli, uDarren Smith useyekile ukujima neqembu. Ngithole umbiko ngaye, akasiyena lomgadli esimfunayo. UCaleb waseBurundi akasekho ejimini,” kusho uMotaung.
Amakhosi athwele kanzima nje ayashoda ngabagadli. Kusele u-Ashley Du Preez yedwa phambili.
IChiefs idedele uLazarous Kambole, Samir Nurkovic noLeonardo Castro ekupheleni kwesizini ka-2021/22.
UMqondisi
Umgadli waseSierra Leone uMusa Kamara wagcine engafikanga ejimini yeChiefs njengoba iqembu lakhe iBo Rangers lanqaba ukumnikeza imvume yokuzojima kuleli. Kubikwa ukuthi iRangers yabamba umazisi walomdlali, wagcine ephoqelekile ukuthi angasahambi.
Kubukeka izobhekana nenkulu iChiefs njengoba izoqala isizini yeDSTV Premiership ngaphandle komgadli.