Ucwaningo olwenziwe e-United Kingdom seluzveze ukuthi abantu bachithe isikhathi esithe xaxa beshaya indlwabu ngesikhathi sokuvalwa kwezwe ngesikhathi amazwe amaningi ezama ukunqanda ukusabalala kweCovid-19 ngokuvalela abantu emakhaya. Kusukela ngoMashi nonyaka amazwe amaningi abeke imithetho eqinile yokuzama ukulwa naleli gciwane, ohambe phambili kube ngowokuyalela abantu ukuthi abahlale emakhaya.

Ukuvaleleka kwabantu ke kube nemiphumela. Ucwaningo olwenziwe yinkampani yamathoyizi ocansi iLELO, ekhulume nabantu abaneminyeka engaphezulu kuka-18 abawu-2 000, luthole ukuthi u-56% wabo uveze ukuthi okungenani ubuziphulula isitho sangasese sakuzenza ucansi kanye ngosuku, kanti omunye u-28% uveze ukuthi nakanjani muva nje ukunakile ukuthi kwandile ukulangazelela ukushaya indlwabu.

Lolu cwaningo luphinde luveze ukuthi abanye bakuthakaselile ukusebenzela emakhaya njengoba kubavulele ithuba lokuthi bazifikise kuvuthondaba kabili noma kathathu ngosuku. Kunenkolelo yokuthi ukwenza lolu hlobo locansi luyabaphazamisa abantu emsebenzi wabo. Ngokombiko weMetro.co.uk ongoti bezocansi baveza ukuthi ukushaya indlwabu kwenza umuntu asebenze kangcono. Sisazokulethela lona eduzane lolu daba sithle ukuthi kunamthelela muni emzimbeni wakho ukushaya indlwabu.

ILELO iqhuba iveze ukuthi sinyukile futhi nesibalo semathoyizi ocansi athengiwe ngesikhathi sokuvalwa kwezwe e-UK. Bathi bathengise u-73% ngaphezulu uma beqhathanisa nesikhathi esifanayo nyakenye.