Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena usecele ukuba abalandeli beqembu bazame ukubekezela ngomgadli omusha u-Abubeker Nasir.

UNasir ushaye igoli elihle emdlalweni wakhe wokuqala kwiSundowns ngempelasonto edlule. Wazicabela indlela kalula kuNjabulo Ngcobo weKaizer Chiefs ngaphambi kokuphasela inethi.

Abalandeli beqembu babengakwazi nokuwuvala umlomo ngalomgadli odle ngomjiko nejubane. UMokwena uthi kusafanele basebenza kakhulu uma befuna ukunyusa izinga likaNasir. Uthi ukunconywa kwakhe kakhulu kuzomphazamisa. “Mkhulu umsebenzi ohlalele uNasir, kufanele akhuphule izinga.

Kufanele adlale, aphinde ajime ngendlela esiyifunayo. Kufanele anyuse izinga. Ngiyacela nimbekezelele, nimuphe isikhathi, niyeke nokumncoma ngoba usemncane futhi ungumdlali othembisayo. UNasir simsayinile, saphinde sambuyisela e-Ethiopia, wahlala izinyanga eziyisithupha khona.

Siphoqelekile ukuba siqashe umsizi wesiNgisi ozohlala ngoNasir ukuze ezokwazi ukuqonda isiNgisi. IsiNgisi sakhe sesingcono kakhulu, yize bekufanele siqashe umuntu obezomsiza ngoba ubehluleka ukuqonda izinkulumo zethu mayelana nohlobo lwebhola esilidlalayo,” kubeka lomqeqeshi.

UNasir ubolekiswe kwiCoffee SC ngoJanuary. Wangena esuka ebhentshini emdlalweni weDowns neTS Galaxy ngesonto eledlule, nakhona wafika washukumisa.