Umqeqeshi weYoung Africans SC uMiguel Gamondi usecele abaphathi beKaizer Chiefs balekelele uNasreddine Nabi ngokumqinisela isikwati asibona sintekenteke ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/25.
UGamondi ubeke lo mbono esekhuluma nezintatheli ngemuva komdlalo ophele ngo 4-0 bebhaxabula iChiefs phambi kwenqwaba yezethameli eFree State Stadium ngeSonto.
Uthi bayinikeze isifundo iKaizer Chiefs.
“Uma sikhuluma ngamaqhinga, siyinikeze isifundo iChiefs ngokubhekana nabadlali abamela amazwe abo. Awukwazi ukuzitshela ukuthi ungaqhudelana nabadlali kuleli zinga ngenqwaba yabadlalib abasebasha. IChiefs ifake izintwana eziwu-4 noma-5 kulo mdlalo. Uyawadinga amava,” kusho yena.
Uqhube wathi akaqondile ukugxeka iChiefs kodwa uzama ukuyeluleka ngokumele ikwenze ukuze ifinyelele ezingeni leSundowns, Orlando Pirates neCape Town City.
“Akukho lula. Abaqeqeshi bangakwenza konke, kodwa kunzima uma abadlali abasezingeni bengekho. Ningangizwa kabi. Angiyigxeki iChiefs, ngiyayeluleka. Asiwubekeni eceleni umphumela ka 4-0. IChiefs ayakhanga ngisho ithuba elilodwa lokukora kulo mdlalo. Yintgo ezokhatha umqeqeshi leyo.”
Ngemuva komdlalo uNabi naye uzivumele ukuthi lo mdlalo ubeke obala abashoda ngakho, waphinde wacacisa futhi nokuthi abadlali abancane bazonikezwa ithuba kodwa okwamanje basadinga ukukhula.
Kulindeleke ukuthi iChiefs ibolekise ngabanye abadlali bayo abavela kwinkulisa.