Umqeqeshi we-University of Pretoria (TUKS) uTlisane Motaung ubona benethuba lokushintsha izinto, uma sebeqala ama-playoffs okuhlungela iDSTV Premiership.
AmaTUKS aqede endaweni yesibili kwiGladAfrica Championship, azobhekana neCape Town All Stars ngomhlaka 29 kuMeyi.
Leliqembu lihlangabezane nenkunzimalanga yebhadi edlala ngokulingana emidlalweni yomibili yokugcina yeGladAfrica Championship, okuyimphumela ebaphuthisele ngethuba lokunyukela esigabeni esiphezulu. AmaTUKS ayezonqoba iGladAfrica ukube anqoba yomibili imidlalo yokugcina, kwazise ayezovula igebe lamaphuzu amabili.
UMotaung ubona ukuthi iqembu lakhe linabadlali abangaliwinisa ama-playoffs azophela ngomhlaka 15 kuJuni, emdlalweni ozobe uphakathi kwamaTUKS neqembu eliqede kunombolo 15 kuDSTV Premiership.
“Besifuna ukulwela ukukhuphukela kwiPSL kunokuthi sinikezwe lelothuba kalula. Kodwa sibhekane nezinkinga ebezingaphezulu kwethu, sesilungele ukuzilwela kuma-playoffs. Sinethuba lokugcina lokungena esigabeni esiphezulu, angeke siliyeke lelithuba.
Besinombandela wokunqoba iligi ukuze sizonyukela kwiDSTV Premiership. Sekufanele sinqobe ama-playoffs ngoba sesiphuthelwe ukunqoba iligi,” kubeka uMotaung ekhuluma nabezindaba.
UMotaung uthi abanazo izinhlelo zokushintsha indlela abadlala ngayo.
“Angeke sishintshe indlela esidlala ngayo. Sidlale kahle kwiNedbank Cup. Sihlulwe IRoyal AM, kodwa nathi sashaya iChippa United ngo 2-0. Sahlula ngisho nompetha beGladAfrica iRichards Bay ngo-Ephreli. Leliqembu lingamelana nompetha, libashaye kunjalo.
Amaplayoffs azosinikeza ithuba lokukhombisa ukuthi izifundiswa ziyakwazi ukushaya into ecokeme kwezemidlalo, iningi labadlali liphasa kahle eNyuvesi,” kubeka lomqeqeshi.
Yize sekusele umzuliswano owodwa kugoqwe isizini ka-2021/22, akukacaci ngeqembu elizoqeda kunombolo 15, lehlele emidlalweni yama-play-offs.