Umqeqeshi osabambile kwiSuperSport United u-Andre Arendse uncome izitobha zakhe ebezivala kwasani emuva ngesikhathi beshaya i-Orlando Pirates kwiDSTV Premiership izolo.
ISuperSport ishaye iBucs ngo 2-0 eLucas Moripe Stadium, yazibekisela ngendawo kwiTop 8. Umphumela ushabalalise amaphupho eBucs okubuyela kwiCAF Confederations Cup ngesizini ka-2022/23.
U-Arendse uncome udonga lwasemuva kanye nonozinti.
“Abadlali basemuva bacindezelile ngempela. Bekuvele kuzoba nzima ukudlala nePirates ngoba ibeka ibhola phansi. Besiyifundile ukuthi ishaya amaphasi aqaqa udonga uma isiphethe ibhola. Bathanda ukudlala ezikhaleni ukuze bezolimaza izimbangi.
Bekuphoqa ukuthi siqinise unyawo, sivale kahle kakhulu emuva. Nayo iPirates ibingazibekile phansi. Ngizoshayela ihlombe abadlali basemuva nonozinti uRonwen, bazimiselile namuhla. Kube kuhle nokungangenelwa yigoli,” kusho u-Arendse ekhuluma nabeSupersport TV.
U-Arendse ubona kudingeka abadlali basesiswini abanamava kwiSuperSport ukuze kuzosizakala abadlali abasebancane.
“Ngikholwa ukuthi sinabo abadlali, iningi labo basebancane. Sifake abadlali abasebancane ngisho sesishintsha. Bakwazile ukushintsha umdlalo yize kunzima uma usuka ebhentshini isikhathi sesihambile. Badlale kahle.
Ngibona kuphoqa ukuthi kuthengwe abadlali basesiswini, lokho kuzokwenziwa ngokushesha ngoba siyoqala isizini entsha. Kufuneka isipiliyoni enkabeni yesisu ukuze sizophumuza uJesse Donn.
Usekhathele manje, udlale isizini yonke. Uyazimisela kakhulu uDonn. Kufuneka isipiliyoni esiswini ukuze izinto zizoya phambili,” kubeka u-Arendse.