Umqeqeshi wePolokwane City uPhuti Mohafe uthi akekho noyedwa umdlali ozodayiswa yiqembu njengoba kusavulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali.
UThabang Matuludi oyibamba kwesokudla emuva no-Oswin Appollis bashaye into ecokeme kwiRise and Shine ngesizini ka-2023/24, bazidonsela amehlo kumaqembu aseGauteng okubikwa ukuthi asabagaqele namanje.
U-Appollis ungundabuzekwayo kwabezindaba njengoba kunemibiko emkhomba kwizinkunzi zaseTunisia i-Esperance Tunis. UMatuludi, obeyingxenye yeBafana Bafana kwiCOSAFA Cup nonyaka, ufunwa uthuli yiStellenbosch FC okungenzeka idedele uDeano Van Rooyen.
“Sibagcine bonke abadlali ebesithembele kubo ngesizini edlule. Asikaze sichithe noyedwa, uMatuludi no-Oswin basekhona. Ngizwile ukuthi kunamaqembu afuna ukubathenga.
“Siwajikisile amanye amaqembu ngoba sinezinhlelo zokubumba iqembu elizoqhubekela phambili nakulesizini,” kusho uMohafe ekhuluma nabezindaba kwethulwa iMTN8 ngoLwesithathu.
IRise and Shine ihlalelwe umqansa wokubhekana neMamelodi Sundowns koweMTN8 ozobanjelwa eLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo.
“Anginalo uvalo ngoba siyiqembu elimangaza abalandeli, sifuna ukuqhubeka nesikwenze ngesizini edlule. Ukubhekana neSundowns kuyasigqugquzela ngoba sizobe sidlala neqembu elikhulu. Kufanele sizimisele enkundleni ngosuku lomdlalo,” kubeka uMohafe.