Umqeqeshi weMarumo Gallants u-Abdeslam Ouaddou uthi noma eyifake induku iKaizer Chiefs izolo, umsebenzi kaNasreddine Nabi usahlonishwa kakhulu, ikakhulukazi eMorocco.

U-Ouaddou uveze lokhu ngemuva kokubuka ezakhe ziginqa iChiefs kaNabi ngo 2-1 eFNB Stadium izolo ntambama.

“Ngiyazi uzakwethu ubhekene nezimo esibi namhlanje. Kodwa ngiyazi uwumqeqeshi ohlonishwayo. Igama lakhe likhulu e-Africa.

“Wenza okuningi okuhle eMorocco, futhi uyathandwa khona. Ngicabanga ukuthi ibhola lisebenza ngama-project. Kwesinye isikhathi udinga isikhathi ukuze utshale kahle ofuna ukukwenza. Ngikholwa wukuthi ungomunye wabaqeqeshi abaphambili e-Africa.”

Ukunqoba kweGallants kuyibeke kunombolo 9 kwiBetway Premiership, isiyalingana ngamaphuzu neKaizer Chiefs noma u-Ouaddou efike iqembu libheke ezembeni.

IGallants usele nemidlalo emibili kule sizini; izobhekana neChippa United neMagesi FC.