Umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic usephinde wakhala ngokuba buthuntu kwabadlali bakhe uma sebebona ipali.
IGalaxy idlale ngokulingana neMarumo Gallants ngoMgqibelo. Iphuzu elilodwa eMbombela aliyisizanga ngalutho njengoba isahleli ngesinqe esisodwa empini yezembe. AmaRockets ahleli kunombolo 14 ngamaphuzu angu-27, ashiya iSwallows neBaroka ngomehluko wamaphuzu amabili.
IGalaxy izobhekana neChippa United emdlalweni wokugcina kwiDSTV Premiership ngempelasonto.
Ukuze iGalaxy izovika izembe, kufanele iSwallows neBaroka bahluleke ukunqoba emidlalweni yabo ngoMgqibelo. URamovic uthe ngabe abekho engcupheni yokugawulwa izembe ukube bayawasebenzisa amathuba.
“Inkinga esibhekene nayo isizini yonke ukugeja amagoli. Uma uhluleka ukushaya amagoli, ulindele ini? Angeke siwine,” kubeka uRamovic ekhuluma nabeSupersport TV.
Yize iChilli Boys isisindile ezembeni ngemuva kokuthola iphuzu elilodwa ngempe, uRamovic uthi ulindele umdlalo onzima kwiChippa.
“Kufanele silungiselele umdlalo weChippa. Umdlalo uzoba nzima. Konke kulele ezandleni zethu kodwa kuyaphoqa ukuthi sishaye amagoli. Kuzoba lukhuni uma sihluleka ukushaya amagoli. Iphuzu elilodwa libalulekile kodwa bekudingeka siwine kwiGallants. Besizosinda ezembeni,” kusho uRamovic.