Umqeqeshi obambile kwiRichards Bay FC uRonnie Gabriel uthi bashoda ngabadlali abakwazi ukubeka ibhola enethini ukuze bezokwazi ukunqoba imidlalo ebalulekile kwiBetway Premiership.
UGabriel ubeke kanje ngemuva kwesibhaxu sika 2-0 abasithole kwiMamelodi Sundowns ngoMgqibelo ntambama eKing Zwelithini Stadium.
IBay ibingashodi ngamathuba kulo mdlalo njengoba ishaye ipali, amanye amathuba agezwa wunozinti weDowns obukeka esasezingeni eliphezulu uDenis Onyango.
“Sidinga ukhilimu wabadlali phambili, abadlali abakwazi ukubeka ibhola enethini basikhuphulele isibalo samathuba esiwasebenzisayo. Sishoda lapho,” kusho uGabriel engxoxweni neSuperSport TV.
“Kumele siqhubeke sisebenze ngokuzikhandla, kodwa kumele sikukhumbule ukuthi eqenjini lethu kugcwele izintwana, kusamele sizipheke.
“Asinabo abadlali abanekhono njengoRibeiro, Sales nezinye izinkunzi zabadlali ovele ubafake enkundleni babuye nomphumela owufunayo. Thina kusamele sibaqeqeshe nsuku zonke laba bafana ukuze bayazi ingcindezi yokudlala kule ligi.