Umqeqeshi weRichards Bay uPitso Dladla uthi ukunenebulwa kweKaizer Chiefs ngenduku kulempelasonto eyedlule kuyinto emkhathazayo njengoba ezobhekana neqembu elinamanxeba ngoMgqibelo.

IBay izovakashela iChiefs eMoses Mabhida Stadium kulempelasonto emdlalweni weDSTV Premiership.

UDladla uthi iChiefs izobe isilwela ukungaphindwa ngesibhaxu uma isitholana neqembu lakhe elingomakoti kwiligi.

IChiefs isibhaxabulwe kabili kulesizini ngemuva kwemidlalo emithathu. UDladla ubona uzoba nzima kakhulu umdlalo wangoMgqibelo.

“Ukudlala neKaizer Chiefs kuyinto okufanele siyihloniphe. Bayiqembu elikhulu eNingizimu Afrika, nase-Afrika imbala.

Kunzima ukudlala nabo njengoba behluliwe emdlalweni odlule. Angiboni bezofuna ukuhlulwa uma sebedlala nathi, ikakhulukazi ngoba singomakoti.

Sinenhlanhla enkulu ngoba bale the umdlalo eThekwini, lokhu kungasisebenzela. Angifuni sicabange ngokuhluleka kweChiefs emdlalweni odlule. Sizobahlonipha, kodwa sikholwa ukuthi singabahlula emdlalweni,” kubeka uDladla ekhuluma nabezindaba.

IRichards Bay ihleli esicongweni kwiDSTV Premiership ngamaphuzu ayisikhombisa ngemuva kwemidlalo emithathu. Isinqobe kabili, yadlala I-draw komunye umdlalo.

UDladla ucela abadlali bakhe baqhubeke nokuzimisela, bangazikhukhumezi.

“Kubalulekile ukuthi siqhubeke nokuzimisela, sihloniphe. Kubalulekile ukwenza njalo ebholeni ngoba amatafula angajika noma yinini uma usuqala ukucabanga ukuthi ungcono.

Sihlale isikhathi eside esicongweni seligi ngesizini edlule, saqhubeka nokuzimisela. Angikhumbuli sizitshela ukuthi singcono. Namanje ngisagqugquzela lokho. Umdlalo uzosivusa emaqandeni uma singanakile,” kubeka lomqeqeshi.