Umqeqeshi we-Asante Kotoko uKarim Zito uthi iKaizer Chiefs ishode ngenhlanhla ngesikhathi beyishaya kuma penalty kwiToyota Cup eMoses Mabhida Stadium izolo.

Lo mqeqeshi uvume isitayela sabadlali bakuleli ngemuva komdlalo nokuthi Amakhosi adlale kodwa inhlanhla ibingakubo.

IChiefs igcine ishaywe ngo 3-2 kuma penalty ngemuva komdlalo ophele ngo 0-0. Kulo mdlalo esiwombeni sesibili ukapteni weChiefs u-Inacio Miguel ugeje ipenalty, kanti noMdu Shabalala uke washaya ishodi elinzima engaphandle kwebhokisi kodwa lashaya ipali.

“Kufanele ngikhulume iqiniso, abaseNingizimu Afrika badlalisa okwamaqembu ase-Europe, abafani namanye amazwe ase-Africa…abakujahi, uwena ojaha bona. Yinto engiyaziyo ngoba yinto engayifunda e-Europe, nami ngisaqhubeka nezifundo zami zokuqeqesha.

“IChiefs ayidlalanga kabi, inhlanhla ibingakityhi. Siwine ngenhlanhla. Kodwa wonke umuntu uyafisa ukuba nenhlanhla ngakho ke ngijabule kakhulu ngoba kunamaqhinga ebesiwahlelile futhi asebenzile.”