ILamontville Golden Arrows ibhekene nomqansa wokungena kwiTop 8 yeDSTV Premiership njengoba sekusele imidlalo emibili kugoqwe lesizini.
Abafana Bes’thende bashaye udaka kulesizini uma kuqhathaniswa nesizini ka-2020/21 iqeda endaweni yesine isaqeqeshwa uMandla Ncikazi. Ukugqoza kwemiphumela kuholele ekuxoshweni kukaLehlohonolo Seema maphakathi nesizini.
I-Arrows isanqobe umdlalo owodwa kweyisithupha, okuyifomu esibabeke kunombolo 9 kwiligi. Abafana Bes’thende abaholwa uVusumuzi Vilakazi noMabhudi Khenyeza bazobhekana neRoyal AM kulempelasonto begabhele isikhala kwiTop 8.
“Mancane amaphuzu phakathi kwethu namaqembu ahleli kwiTop 8. Kufanele sikhombise enkundleni ukuthi siyawadinga amaphuzu ukudlula bona. Umdlalo uzoba nzima ngoba sibhekene nomkhaya. Sadlala ngokulingana emzuliswaneni wokuqala, umdlalo uzoba nzima,” kusho uVilakazi.
IRoyal AM ishaya into ecokeme kulesizini njengoba ilwela ukungena kwiCAF Champions League ngesizini ezayo. Ihleli endaweni yesithathu kwiligi, ingemuva ngamaphuzu amathathu kwiCape Town City elele endaweni yesine.
“Bayashesha kakhulu, bafakelana ingcindezi uma behlasela, indlela abajuma ngayo inhle kakhulu. Sifuna ukungena lapho bebuthaka khona ngoba bangenelwa amagoli amaningi. Sifuna ukuhlasela ngokuzuma ukuze sizonqoba lomdlalo,” kusho uVilakazi.