Ziyaqonga izinkinga kwiRoyal AM osekuvele umbiko wokuthi ihlulekile ukuholela abadlali ngenyanga edlule nokuthi itheleke ngamachaphazela kwisikweletu semali yentela esibhekene noShauwn Mkhize.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-27 November ngonyaka odlule kugasele abaseshi nabasebenzi bakwaSARS kwisithabathaba somuzi kaMaMkhize oseDurban North, kwashaqwa impahla yakhe ngenxa yesikweletu semali yentela engakhokhiwe.

Kubikwa ukuthi uMaMkhize ukweleta iSARS imali ebalelwa kuR40 million. Izolo iSABC Sport iveze ukuthi uma impahla eyashaqwa yiSARS ingasondeli kuleli nani, iqembu lingase lidliwe yiSARS, lidayiswe.

UMaMkhize ufake iqembu lakhe esigabeni esiphuzulu sePremier Soccer League ngokuthenga iBloemfontein Celtic ngo-2021. Ngokwemibiko ngaleso sikhathi, iSiwelele sathengwa ngoR50 million.

Njengoba iqembu libhekene nesikweletu sikaR15 million sikaSamir Nurkuvic, uma selidayiswa kumele kucatshangwe ngaleyo mali, okwehlisa inani leqembu njengamanje uma kungathiwa liyadayisa. Kunemibiko yokuthi kunabadlali abangaholanga ngenyanga edlule, okuthiwa yikho okuholele ekutheni kuhlehliswe umdlalo wangoMgqibelo neChippa United, ngoba abadlali bafike bengaphelele kwitraining, bajikiswa.

Okwamanje iPSL ayikathi vu ngeRoyal AM nezinkinga zayo. Izolo bekulindekele ukuthi ishicilele isitatimende kodwa yavele yathula kakhulu njengoba ingakaze imemezele nanokuthi umdlalo wangoMgqibelo uhlehlisiwe.