Ukudlaliswa kukaTeboho Mokoena emdlalweni odlule weBafana Bafana kungase kuyiqhathe nemithetho yeFIFA kodwa sekuvele umthetho owodwa ongase usindise izinhlelo zikaHugo Broos.

UTebza wathola ikhadi eliphuzi emdlalweni wokuqala wama-qualifier, ngesikhathi iBafana ibhekene neBenin. Uthole eliselibili emdlalwnei neZimbabwe ku-match day 4. Ngokwemiththeo yeFIFA uma umdlali eqoqe amaphuzu amabili aphuzi kumqhudelwano owodwa, akavumelekile ukudlala umdlalo olandelayo. Njengoba umdlalo weBafana neLesotho bekuwu-match day 5, uTebza bekufanele awubuke nezihlwele umdlalo ngokomthetho.

Kodwa ke imithetho yeFIFA iphinde iveze ukuthi iqembu linamahora awu-24 ukubhalela iFIFA likhalaza ngomdlali odlale enamakhadi aphuzi. Lokhu kusho ukuthi bekufanele kuphele uMgqibelo iLesotho isikhalile kwiFIFA.

Noma ingase isinde iBafana ngalendlela, kusangenzeka futhi izithole obishini uma iFIFA ikhetha ukulandela imithetho yayo njengoba yenza kwiNigeria ngo-2017. Ngo-2017 iNigeria yajesizwa ngokudlalisa uShehu Abdullahi owayenamakhadi amabili aphuzi. IFIFA yanquma ukujezisa iNigeria ngaphandle kokuthola isikhalo kwi-Algeria. I-Algeria yanikezwa iwin ka 3-0.

Lokhu kusho ukuthi uma ijeziswa iBafana iLesotho izonikezwa amaphuzu amathathu, namagoli amathathu okuzoyibeka esicongweni kuGroup C, kushovele iBafana kunombolo 4.