Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro ushayele abadlali bakhe ihlombe ngokukwazi ukuthatha amaphuzu aphelele noma bengadlalanga ‘ibhola elihle’ ngesikhathi beshaya iCape Town City ngo 2-1 ngoMgqibelo.
IPirates iqinisekise ukuthi iyaqhubeka nokufakela iMamelodi Sundowns ingcindezi embangweni wesicoco seligi ngomphumela wayizolo kodwa idinge igoli likaGoodman Mosele sekuyophela umdlalo ukuze inqobe.
Kulo mdlalo iPirates yakhe inqwaba yamathuba kodwa abembalwa abeyingozi kunozinti weCityzens uDarren Keet.
URiveiro uthi okubalulekile manje umphela, hhayi ukuthi badlale kanjani.
“Sekucacile ukuthi esigxile kukho kule sizini ukuthola umphumela esiwufunayo. Asikubuki kakhulu ukuthi sidlale kanjani emdlalweni efana nowanamhlanje,” kusho uRiveiro ngemuva komdlalo.
“Ngicabanga ukuthi wonke umdlali uyazi ukuthi ukufanele ukudlalela leli qembu, ukulwela zonke izinkomishi, nokudlala ngendlela esidlale ngayo kulezi nsuku.
“Kumele sikwenzele nsuku zonke. Namhlanje asibanga nomdlalo omubi kodwa besingeke sinqobe ngokudlala ibhola ‘elihle’. Kumele sibheke umphumela.
URiveiro uqhube Wancoma abadlali bakhe abasuka ebhentshini ngokungena enkundleni benze umsebenzi abebewufakelwe ngokuzinikela.
Ezimnyama zizobhekana neMarumo Gallants emdlalweni olandelayo.