Owayengumgadli weMamelodi Sundowns neBafana Bafana uKatlego Mashego usehlabe ukubukelwa phansi kweHollywoodbets COSAFA Cup eqhubekayo eThekwini.
IBafana Bafana ikhishwe ekuseni kulo mqhudelwane ishaywa yiMozambique kuma quarter-finals, nayo egcine ikhishwe yiNamibia kuma-semi finaĆ ngoLwesihlanu ntambama. Iqembu eliphekwa uHelman Mkhalele selidlala kwi-plate yeCOSAFA Cup, okuyisicoco esingathi shu.
Ekhuluma nephabhuku lebhola kuleli, iKick-Off, uMashego uthe akumnikezi ithemba ukubona uhlobo lwabadlali ababizwe eskwatini kulo mqhudelwano.
“Iqembu elidlala kwiCOSAFA kufanele kube abadlali abaphambili abadlala kwiDStv Premiership, kodwa manje sekubizwa ngisho abadlali be-first division noma abadlali abangajwayele ukudlala emaqenjini abo. Yiqembu lesizwe leli, akumele ngabe kubizwa abadlali abangavuthiwe abasadinga ukukhuliswa.
“NgoLwesithathu obani laba badlali esasibabuka? Abanye babo angikaze ngibabone noma ngizwe ngabo.
“Kunabadlali engingabala kubo uNkosingiphile Ngcobo noNjabulo Blom (abadlalela iKaizer Chiefs) abangekho eqenjini lesizwe, ababiziwe ngani laba badali?” kukhalaza uMashego.
Mashego uthe uyasola ukuthi kunokungaxhumani kahle phakathi kweSAFA namaqembu ePSL okwenza kugcine sekubizwa abadlali abangekho ezingeni. Ukuhlabile nokungabibikho komqeqeshi weBafana uHugo Broos emdlalweni yeCOSAFA.
Uthe kumele ngabe basebenzisa lo mqhudelwano ukupheka abadlali babalungiselele I-AFCON nemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
“Angiqondi ukuthi kungani oKermit Erasmus, Itumeleng Khune, Brandon Petersen bengadlali kwiCOSAFA. Ngisho no-Evidence Makgopa kumele ngabe ukwiCOSAFA. Uyaphi uRadiopane esaphuma kwi-MDC? Kungani bengabizwanga oThobang Monare? Kungani uTeboho Mokoena weMamelodi Sundowns engekho kwiCOSAFA?”