Umqeqeshi omusha weRoyal AM uKhabo Zondo ubona umgadli uSamir Nurkovic ezosheshe asijwayele isitayela seqembu.

UNurkovic (30) usayine kwiRoyal AM ngemuva kokudedelwe yiKaizer Chiefs.

UNurkovic ubewaqhulula amagoli ngesizini yakhe yokuqala kwiChiefs isaholwa u-Ernst Middendorp. Lomgadli uhlushwe ukulimala nokunyiwa yibhentshi kumasizini amabili alandelile, wagcina esehluleka ukubuyela efomini yakhe yakudala.

Ukusayina kwiThwihli Thwahla kuzomnikeza ithuba lokujwayela isitayela sebhola esisha.

Ekhuluma nephephandaba iThe Citizen, uZondo ubeke kanje:

“Kudala bekukhona abadlali abanekhono lokudlala ibhola emoyeni njengoLungisani Ndlela. Wayedlala kwiSwallows eyayinebhola elidla utshani kodwa uNdlela wayesithola isikimu.

Ibhola leRoyal AM lihlukile kakhulu, umdlali ofana noNurkovic uyadingeka. Ngisho iSundowns inaye umdlali onamandla emoyeni, akukhulunywa kakhulu ngezindawo abheda kuzo uma edlala ibhola ngezinyawo.

UNurkovic uzojwayela ngokushesha, ngiyakukholwa lokho. Ngimbonile ejimini ukuthi useyajwayela. Kufanele simenze akholwe ukuthi naye engakwazi ukudlala ibhola lethu,” kusho lomqeqeshi.