Umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt uthi uzamile ukuncenga uThabang Monare kodwa izinto azihambanga kahle njengoba egcine eqoke ukubuyela kwi-Orlando Pirates.

UMonare (32) wamenyezelwa kubadlali ababechithwa yiPirates ekupheleni kwesizini ka-2021/22 ngemuva kokubhuntsha kwezingxoxo zenkontileka.

IBucs kanye nomdlali bagcine bezilungisile izinkinga zabo, kwazise noMonare usebuyelile ejimini neqembu.

Kuvela ukuthi AmaZulu, SuperSport United kanye neSekhukhune United bebezimisele ngokusayinisa lomdlali. Umqeqeshi omusha weBucs uJose Riveiro uyamthanda uMonare, ucele ukumhlola ejimini.

Ekhuluma emsakazweni ISAFMSport On noThabo Mosia, uHunt ukuvezile ukuthi ubexoxisana noMonare ngenhloso yokumletha kwiSuperSport.

“UMonare uthole ithuba lesibili kwiBucs ngesikhathi esezokhuluma noSihlalo weSuperSport. UMonare ungifonelile engitshela ukuthi akanalo iqembu. Ngamtshela ukuthi ngizokhuluma naye uma sengithole umsebenzi. Kuyacaca ukuthi iPirates seyimsayinile futhi,” kusho uHunt.

IPirates ibingakaze isikhiphe isitatimende esicacile ngoMonare kodwa lomdlali useshiye izinkomba eziningi ezinkundleni zokuxhumana.