U-Itumeleng Khune uthi isikhathi sokubeka amakhokho ethala sizomfikela esadlala kuyo iKaizer Chiefs futhi akanankinga nokuba ukaputeni yize isikimu esizwa ngendaba.
UKhune ubekhuluma emcimbini wokwethulwa kwesizini ka-2022/23 yeDSTV Premiership eRandburg ngoLwesine.
“Angisoze ngafuna ukushiya eqenjini. Angiyindawo. NgiyiKhosi lokuqina. Ngithole ithuba ngisuka kwinkulisa, kuyimanje ngiseqenjini elikhulu. Nginikezwe nejoka lokuba ukaputeni weqembu elikhulu ezwenikazi i-Afrika. Angiyicabangi indaba yokuthi kufanele ngihambe eqenjini,” kusho uKhune.
Lonozinti uthi uzoqhubeka nokulwela ijezi njengoba sekukhona umqeqeshi omusha u-Arthur Zwane.
“Angeke kube lula. Kukhona uBruce Bvuma, oyikusasa leBafana Bafana. Kukhona noBrandon Peterson oziphendlela indawo kwiBafana Bafana, nami ngibuya khona esikwatini.
Siyafundisana singonozinti, ijezi litholakala kanzima. Sifuna ukubaphathisa ngekhanda abaqeqeshi u-Arthur noDillon (Sheppard). Siyitholile imidlalo yobungani, onozinti bakwazile ukuziveza.
Sihlale phansi nabaqeqeshi sabakhombisa imininingwane esiyithole ngokubheka amasizini amathathu adlule. Singenelwe amagoli amaningi. Kubalulekile ukuthi sivale emuva, singangenelwa amagoli amaningi,” kubeka lonozinti.
Njengoba iqembu libhekene nesomiso seminyaka engu-8 linganqobi izindebe, uKhune uthembisa ukujika kwezinto kulesizini ezoqala.
“Kuyaphoqa ukuwina indebe noma ezimbili kwiChiefs. Ngibuyabkhona ekunqobeni izindebe, kulula ukuthi ngigqugquzele abanye ozakwethu,” kusho uKhune.
IDSTV Premiership izoqala ngomhlaka 5 ku-Agasti uma sekutholana iCape Town City neMamelodi Sundowns eCape Town Stadium.
IChiefs izovula iligi neRoyal AM eChartsworth Stadium ngoMgqibelo.