Unozinti weWolverhampton Wanderers uthole ukuphumula sekuphele umdlalo emdlalweni wePremier League neManchester City ebalobole ngo 5-1 eMolineux Stadium.
UKevin De Bruyne ubengagayelwe mphako kulomdlalo eshaya amagoli amane. Ushaye amagoli amathathu emizuzwini engu-24 esiwombeni sokuqala, washaya elesine sekubuywe ekhefini.
Ubelokhu efike njalo kwazise nelinye ishodi lakhe likhale epalini esiwombeni sesibili. Uqophe umlando eba ngumdlali wesibili weMan City oseshaye amane emdlalweni osekuhambeni, ngemuva kuka-Edin Dzeko owashaya amagoli amane iCity ibhekene neTottenham Hotspurs.
UDe Bruyne osefomini enhle kulesizini ngemuva kokushaya amagoli angu-19, uthi bekufanele ashaye elinye igoli kodwa kwanqaba ipali.
“Umdlalo ngiwuthandile. Kuyinto eyikhethelo ukushaya amagoli amane. Bekufanele ngishaye amagoli amahlanu. Sidlale kahle, sahlasela ngokuzumisa esiwombeni sokuqala. Umdlalo besiwuphethe.
Bekufanele sishaye amanye amagoli, kuhle kakhulu ngoba iWolves iqinile emuva. Abagadli bakwazile ukutholana phambili, kusebenzile lokho. Ngikhahlela ngonyawo lwesokudla kodwa ngiyalusebenzisa olwesinxele. Noma ngingashayanga igoli, izitha ziyathuka,” kusho uDe Bruyne.
ICity iqhubeke nerekhodi lokungahlulwa emidlalweni elishumi yePremier League. Isidinga amaphuzu amane emidlalweni emibili esele ukuze izonqoba iligi.
UDe Bruyne uthi iLiverpool isengabuya embangweni, akufanele bakhululeke ngokweqile.
“Okwamanje yithina esihamba phambili ngamagoli. Noma amagoli eyisikhombisa, iLiverpool isengabuya. Sesibheke umdlalo wangeSonto, kuzoba nzima kwiWest Ham. Kumele siphumule sizilungiselele.
Kuyathusa khona ngoba izinga linyuke kakhulu kulamaqembu. Kufanele usihloniphe. Siyazi kunzima kakhulu, womabili amaqembu adinga ukuhlonishwa. Siyazimisela kakhulu,” kubeka uDe Bruyne.