Umqeqeshi omusha we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi kuyamkhuthaza lokho akubona ekhempini yeqembu njengoba besalungiselela isizini ka-2022/23.
URiveiro uqashwe eMzansi yize engenaso isipiliyoni sokusebenza e-Afrika.
Lomqeqeshi ongowokudabuka eSpain, usebenze iminyaka emibili njengomqeqeshi eFinland. Eminye iminyaka emibili ubeyiphini likamqeqeshi.
Ekhuluma emcimbini wokwethulwa kwesizini ka-2022/23 yeDSTV Premiership eRandburg, uRiveiro udalule ukuthi ubengakahlangabezani nezinkinga ekhempini.
“Sisajwayela sinethimba labaqeqeshi, sesihlale inyanga eyodwa kuphela kuleli. Kuningi esikubonile okuhle kulenyanga. Sihlela ukuthola ulwazi oluningi ngebhola laseMzansi, sizama ngokuthola ibhola elizohambelana neqembu.
Konke kuhamba kahle. Ngijabule ngomphumela wekhempu ezinsukwini ezingu-11 ezedlule, ngibona liqhuba kahle iqembu.
Benginganalo ulwazi oluningi ngeligi yaseNingizimu Afrika kodwa iPirates ingelinye lamaqembu amakhulu ngisho e-Europe. Angithukile kakhulu.
Ngiyakwazi okulindelwe kimi futhi nabalandeli bafuna noma eyodwa indebe kulesizini. Ngiyakwazi lokho, sesihlela ukuthi iqembu likulungele ukuqala kweligi. Uma sidlala kahle kulesizini, sizoyibona imiphumela,” kubeka uRiveiro.