UBenni McCarthy usekhulume okokuqala emphakathini kusukela eqokelwe esikhundleni sokucija abagadli kwiManchester United.

UMcCarthy, ophethwe iziqu ze-UEFA A License, uthuse inqwaba yabantu ngokuvela kwezindaba zokuthi usesayine e-Old Trafford.

Isitatimende esikhishwe yiqembu sicacisile ukuthi uBenni uzocija abagadli.

UBenni ubekhona enkundleni ngesikhathi iMan Utd ilungiselela ukudlala neRayo Vallecano kowobungabi. Ubeke kanje esekhuluma kwiManchester United TV:

“Asikho isigaba esikhulu ukudlula lesi. Kuyisibusiso ukusayina kwiManchester United. Ngiyathemba ukuthi sizobona i-United ehlukile, ezolwela ukubuyela kwiChampions League,” kubeka uBenni ekhuluma noTom Delport.

UBenni uzosebenzisana nomqeqeshi u-Erik Ten Hag kanye nethimba lakhe.