Obengumqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter uthi udlale indima enkulu ekukhuliseni ibhola laseNingizimu Afrika kuleminyaka ayisebenzile njengomqeqeshi.
UBaxter usanda kudalula ukuthi iChiefs yajaha ngokumxosha ngoba wayezoqeda isizini eseyibeke endaweni yesibili.
Ekhuluma neSABC Sport, lomqeqeshi uvule isifuba ngezingqinamba abhekane nazo esalolonga iGlamour Boys.
“Angikaze ngikhulume noHugo Broos. Ngifunde izinto azikhulumile ngami. Okunye kuyiqiniso, ezinye izinkulumo zazibheke eceleni zikhombisa ukucasuka ngoba akasebenzi ezweni langakubo.
Ngike ngabhekana nesimo esinjalo. Akufanele ulalele zonke izinkulumo ezikhona. Kuyenzeka lezonkulumo zihlale kabi. UHugo ungumqeqeshi ohloniphekile, ozama ukuphakamisa ibhola laseNingizimu Afrika. Kuyenzeka aphendule izinto okungafanele azikhulume,” kusho uBaxter.
UBaxter usebuya khona kwiBafana Bafana, wayibeka kuma-quarterfinals e-AFCON ngaphambi kokusula esikhundleni. Useke waqeqesha neSuperSport United awine kuyo izindebe ezimbili.
UBaxter uthi izinga labaqeqeshi kuleli lisephansi kakhulu.
“Ngingasho ukuthi izinga labaqeqeshi selikhulile. Sebebaningi abaqeqeshi bakuleli. Abakasitholi isitayela saseNingizimu Africa kodwa nginethemba lokuthi abaqeqeshi basazama ukupholisha
isitayela sakuleli.
Ngizamile ukukhulisa ibhola laseNingizimu Afrika, bengifuna ukubumba iqembu elizophumelela. Ngisebenzile eqenjini lesizwe, ngiyakwazi okudingakalayo uma uthola iqembu lesizwe. Kufanele uzicabele eyakho indlela, uzame ukunqoba imidlalo, ukhandele iqembu imali. Ubaba ongizalayo wangitshela kanjalo. Ngangifuna ukukhulisa ibhola laseNingizimu Afrika, bengidlala indima enkulu,” kubeka uBaxter.