Umdlali weMamelodi Sundowns omusha uSipho Mbule usedalule isizathu esimenze wasayina kuleliqembu elingomkhaya neSuperSport United abamthenge kuyo.
UMbule (24) usayine inkontileka yeminyaka emithathu eChloorkop ngoLwesihlanu.
Yize ebemataniswa neKaizer Chiefs isikhathi eside, uMbule uthi uqoke ukujoyina iSundowns ngoba usafuna ukudlala esigabeni seCAF Champions League aphinde anqobe izindondo neqembu.
“Ukusayina kwiSundowns kungenxa yokuchazwa indlela abakhona ngayo ebholeni lakuleli kuleminyaka eyedlule. Baphethe abadlali abaningi abasezingeni futhi badlala esigabeni esiphezulu.
Bengidlala iCAF kwiSuperSport kodwa sahluleka ukubuyela kumasizini alandelayo. Sifike kowamanqamu neSuperSport kodwa ngibona ngingenza okukhulu kwiSundowns. Isizathu esingenze ngajoyina iSundowns ukunqoba izindebe nokudlala esigabeni esiphezulu sebhola.
Kuyajabulisa ukunqoba izindebe, yiphupho labadlali abaningi. Ngiwine izindebe ezimbili kwiSuperSport, kube iMTN 8 kabili, sahlulwa kowamanqamu weCAF Confederations Cup. Ngisayine kwiSundowns ngoba ngifuna ukunqoba izindebe eziningi,” kusho uMbule ecashunwa iSundowns TV.
UMbule uthi akasakwazi ukulinda ukubona ozakwabo abaseqophelweni eliphezulu, uthembise ngokubuya ngefomu ephezulu ngesizini ezayo.
“Sengilindele ukubona ozakwethu. Baseqophelweni eliphezulu, ngizimisele ngokudlala nabantu abasezingeni eliphezulu. Ngizofika nethalente kwiSundowns, bazobona uSipho obedlala kwiSuperSport.
USipho uzoshaya into ecokeme kwiSundowns ngoba idlala Ibhola elidla utshani. Kunabadlali abalibeka phansi ibhola,, kanti nami ngithanda lokho,” kubeka lomdlali.
UMbule uphinde wachaza ngegama ateketiswa ngalo ‘uMaster Chef’, wathi usazopheka endishini yeSundowns.
“Igama likaMaster Chef lifaka konke kodwa liqondene nokuthi ngidlala esiswini. Ngipheka ibhola esiswini,” kubeka uMbule.