Umqeqeshi weCape Town City uMuhsin Ertuğral uthi bebengayiginqa ngo 3-0 iKaizer Chiefs abaye emdlalweni sebazi konke ngamaqhinga ayo.
ICityzens igcine iyishaye ngo 1-0 iChiefs eCape Town Stadium, emdlalweni wokuqala ka-Ertuğral kulandela ukuxoshwa kuka-Eric Tinkler.
“Abafana badlale ngendlela emangalisayo namhlanje, bebehlelekile ngoba besazi ukuthi iChiefs izohlasela ngokuzuma,” kusho u-Ertuğral ngemuva komdlalo.
“Uma ubuka indlela esidlale ngayo esiwombeni sokuqala, besingaya ekhefini sihamba phambiuli. Siyayazi indlela iChiefs ehlasela ngayo ne-formation yayo…iyiqembu elihle kodwa liyanqandeka. Besingalishaya igoli lesibili noma elesithathu ngokuzuma nathi. Ngiyaziqhenya ngabafana bami namhlanje.”
Lo mqeqeshi uthi into yokuqala afike ayibona idinga ukulungiswa kwiCity ukungabumbani kweqembu enkundleni.
“Sinabadlali abancane ngokweminyaka, uma singababekezelela sizophumelela.”