Umqeqeshi omusha weManchester United, u-Erik ten Hag,uthi ufuna ukuthatha leli qembu alibuyisele ezingeni elalikulo ngesikhathi lisaphekwa wuSir Alex Ferguson.
Ngaleyo mnyaka i-United yayidume ngokudedela isibhaxu, ikakhulukazi e-Old Trafford, okuyinkundla engasawathusi amaqembu amaningi kwiPremier League muva nje.
UTen Hag umatasa upheka abadlali be-United emdlalweni yobungani njengoba kusasele amasonto amathathu ngaphambi kokuthi iqale isizini ka-2022/2023. Unqobe umdlalo wakhe wokuqala ngo 4-0 bebheke neLiverpool eThailand, waphinde waphumelela ngo 4-1 bebhekene neMelbourne Victory e-Australia. Namhlanje i-United izodlala neCrystal Palace.
Ekhuluma ngaphambi kwalo mdlalo uTen Hag uveze ukuthi ubhekene nomsebenzi onzima kodwa akangabazi ukuthi uzophumelela.
“Ngibheke nomsebenzi omkhulu kodwa kuwo wonke amaqembu esengisebenze kuwo ngifike ngiliguqule iqembu lidlale ezingeni eliphezulu. Ngiyaqala kodwa ukubhekana nomsebenzi onzima ngale ndlela (kwi-United). Akuwomna umsebenzi olula, kodwa sengifikile futhi ngiyakholwa ukuthi ngizophumelela.
“Okokuqala okumele sizame ukukwenza kwisizini entsha ukunqoba yonke imidlalo,” usho kanje.
Lo mqeqeshi uthe into yokuqala abefuna ukuyenza ukukhuphula izinga le-fitness yabadlali be-United.
“Sizobe singakafiki la engifuna sibe khona uma kuphela ipre-season kodwa kumele sikwazi ukuthola imiphumela. Ngifuna sidlale ibhola elihle kodwa kumele sikwazi ukunqoba noma singadlali kahle,” kuqhuba yena.
UTen Hag usesayinise abadlali abathathu kwi-United, okunguCristian Eriksen, Tyrell Malacia noLisandro Martinez. Usazama ukusayinisa uFrenki De Jong kwiBarcelona kodwa kuvela ukuthi lo mdlali akazimisele ukuza e-Old Trafford, kunalokho usafuna ukuhlala kwiBarca emkweleta izizumbulu zemali.