Umdlali omusha weChelsea, uRaheem Sterling, usephumele obala wavuma ukuthi bekungehli kahle kuye ukuncishwa ithuba lokudlala kwiManchester City. USterling ugcine eqoke ukujoyina iChelsea kuleli windi lokuhwebelana ngabadlali, okuyinto eyathusa abaningi kwazise bese kuneminyaka ehleli kwiCity, futhi usaneminyaka ewu-27 kuphela.

Lo mdlali ushiya iCity eyishayele amagoli awu-78 kwimidlalo yeligi kumasizini amahlanu edlule. Ekhuluma esithangamini nabezindaba ngaphambi komdlalo weChelsea neTottenham kule mpelasonto, uSterling ubeke kanje echaza ngokushiya kwakhe ompetha bePremier League:

“Ngabona ukuthi aseqala ukuncipha amathuba okuqala imidlalo kwiCity,m ngezizathu ezihlukene. Bengingeke ngikwazi ukumosha isikhathi ebhentshini. Bengingafuni ukuthi uma ngibuka emuva ngibone sengathi izinga lami lehla kule minyaka, ngakho bedinga iqembu elizongiphonsela inselelo.

“Kule minyaka engikuyo bengingeke ngikwamukele ukuhlala ebhentshini.”