Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena uthi wathola ingqayizivele yethuba lokuhamba noPitso Mosimane owayeyojoyina i-Al Ahly kodwa wanqaba.
Isikhundla sokuba yiphini likaPitso kwi-Ahly savela ngemuva kwezinyanga ezimbalwa ebuyile eChloorkop kwazise wayesechithiwe kwi-Orlando Pirates.
UPitso waqhubeka eGibhithe wanqoba iCAF Super Cup, Egyptian Cup, iCAF Champions League amahlandla amabili kanye nzindondo zethusi ezimbili kwiFIFA Club World Cup.
UMokwena ukuthi akazisoli ngokuchayisa uPitso.
“Angifuni ukuba umqeqeshi omuhle uma ngihluleka ekubeni umuntu olungile. Ukuba umuntu olungile kusho ukuchitha amathuba amahle azokukhulisa empilweni ngoba ufuna ukugcina isimilo sakho nokwethembeka.
Ngakhuluma noMengameli ngamtshela ukuthi ngizohlala iminyaka emine. Bengifuna ukuchitha isikhathi esiningi ukuze ngizoqinisekisa ukuthi leminyaka emine iyimpumelelo,” kubeka uMokwena ohlelweni lweDiski Talk with Luyolo.
Kwakunzima ukunqaba ithuba lokusebenza kwi-Al Ahly noPitso. Kunzima ukunqaba kuPitso, kodwa sengiyabona ukuthi ngathatha isinqumo esilungile. Kwakunzima nangesikhathi ngimchazela ukuthi ngibheke kwiPirates. Kwakunzima, kwamthatha isikhathi eside ukuthi avume.
Wayebona sengathi ngimkhaphelile. Nami ngangizocabanga kanjalo kodwa ukunqaba ukuyosebenza eGibhithe kwakuyinto enkulu. Ngimkhonze kakhulu uPitso futhi ngiyamhlonipha. Udlale enkulu indima empilweni yami,” kusho uMokwena.
UMokwena uveze nokuthi wagabha iZamalek SC yaseGibhithe kanye neSimba yaseTanzania. UMokwena uthi usehlalele ethembeni lokuthi abalandeli beqembu sebezobona ukuthi uzinikele kwiSundowns.
“Bengincengwa amaqembu afana neZamalek, Simba namanye amaqembu ase-Afrika. Ngiyathemba ukuthi lezindaba zizokhombisa ukuthi ngizinikele eqenjini,” kuchaza lomqeqeshi.