Umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt uthi kwakungekho ezinhlelweni zakhe ukuboleka umdlali weKaizer Chiefs uChristian Saile obe nesandla bengcwaba Amakhosi ngo 4-1 ngoLwesibili.

USaile uvalele igoli lakhe lokuqala kwiligi kule sizini emdlalweni wayizolo, bekuyigoli lakhe lesibili selokhu ejoyine iSuperSport United.

Ebuzwa ngoSaile uHunt uphumele obala wathi wayengamcabangi nokumcabanga, wavele wanunuselwa ngaye ngesikhathi iChiefs ifuna ukusayinisa uTashreeq Morris.

“UChristian sasingamcabangi nokumcabange. Wavele watshingwa kimina. Kwathiwa ‘lalela, uMorris uyahamba, sizothatha uSaile’ ngathi kulungile…ngizomenzani? Kudingeke ukuthi ngimtholele indawo.

“Unamagoli amabili amathathu manje kodwa mningi umsebenzi okusafanele ngiwenze naye. Akayena kodwa umdlali wethu, uzobuyela kwiChiefs ekupheleni kwesizini.

UHunt uncome abadlali bakhe abasha ngokungena khaxa eqenjini lakhe ngoba ngokubona kwakhe kufana nokuthi usedlala ngeqembu elisha.

“Sidlalae kahle kodwa sengike ngasibona sidlala kangcono kodwa sangayinqoba leyo mdlalo. Kumele siqinisekise ukuthi siyaqhubeka nokuqoqa amaphuzu kwiligi, sibone singafika kuphi nakwiNedbank Cup.

“Sithathe amaphuzu amathathu kuphela, asinqobanga nkomishi. Asenzi kahle kwiligi kodwa akungoba singazami, besibhekene nezingqinamba.

“Uma ubuka nje ukuthi basishaya ngo 4-0 kumdlalo engikholwa wukuthi kwakufanele siwunqobe. Nabo sabuya sabadla kumdlalo engangibona befanelwe ukuwunqoba. Ibhola linjalo ke, kumele siqhubeke sisebenze ngokuzikhandla.