Ngemuva kokushaya igoli eliwinise iMamelodi Sundowns sekuvalwe amehlo emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo, uThapelo Morena uthi ukulandela umdlalo ngeso lokho esebhentshini kumsebenzele.
Umdlalo uphele ngo 2-1 eRoyal Bafokeng Stadium.
Njengoba umdlalo ubusubheke emaphenathini, uMorena, ongene esikhathini esengezwe unompempe ezovala isikhala sikaLebogang Maboe, ushaye igoli eliqede umdlalo ewinisa iSundowns.
Bekungaqali ukuthi uMorena (28) abe yiqhawe leSundowns. UMorena washaya igoli elanqobisa iSundowns emdlalweni womzuliswano wokuqala ne-Al Ahly kwiCAF Champions League. Wayengene esuka ebhentshini.
“Ukubukela umdlalo ngisebhentshini kungisizile kakhulu, bengibona izikhala ezivulwa yiGallants. Kuvuleke izikhala ngesikhathi uNdlondlo esethole ikhadi elibomvu. Bekufana nebhonasi ngoba bebeshoda, bekufanele sibafakele ingcindezi kuphela.
Ngidlale ophondweni ngenhloso yokungena ngezikhala odongeni labo. Uma uKhuliso Mudau eshoshela phambili bekufanele ngivale isikhala sakhe emuva. Besiningi isikhala ebesivulwe iGallants,” kubeka uMorena ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.
Yize esejwayele ukukhuhla ibhentshi kulesizini, ukungena kukaMorena kuhlezi kuzoshukumisa umdlalo kwazise udlala ibhola elinejubane elidle ngomjiko oya phambili.
UMorena uthi uyazimisela njalo uma enikezwa ithuba.
“Ngiyalisebenzisa ithuba engilitholayo, ngizama ukusiza iqembu, Ngiyajabula ngoba iqembu lenza kahle, namagoli ngiyawashaya. Kufanele ube ngomdlandla njalo uma ungumdlali, ulindele ithuba olitholayo. Bonke abadlali bafuna ukulwela iqembu.
Umdlali othola ithuba uyazimisela, egcine esetholana isikimu njalo. Nami ngizoqhubeka nokuzimisela yize ngiqala ebhentshini. Ngizoqinisekisa ukuthi iqembu ngiyalilwela,” kusho lomdlali.