Isiphinde yabuya imibiko ekhomba umgadli waseCongo, uFiston Mayele (30) kwiKaizer Chiefs.

Ngokwemibiko yakamuva kuvela ukuthi uMayele uzobiza imali engaphezulu kukaR14 million okuthiwa Amakhosi azimisele ukuwukhokha kodwa kusadingidwa indaba yomholo wakhe.

Kuthiwa iChiefs ayizimisele ngokuba nomdlali ozohola kakhulu ukudlula abanye ngoba lokho kungase kuphazamise izinto eqenjini, okusho ukuthi uMayele angase ahlomule ngebhonasi enhle yokusayina inkontileka neChiefs, kodwa umholo wakhe ungayishiyi kakhulu eyabanye.

Ngokombiko wentatheli elandela izindaba zeCAF, uMicky Jnr, uMayele usevumile ukulandela uNesraddine Nabi ayesebenza naye kwiYoung Africans ngaphambi kokuthi ajoyine iPyramids FC eGibhithe. Kuthiwa uNabi ukhulume nalo mdlali ngokujoyina, osekusele ukuthi kuvumelane amaqembu.

Ngesikhathi ekhuluma neSuperSport TV ngesonto eledlule uNabi waveza ukuthi bafuna ukuqinisa isikwati emuva, esiswini naphambili ukuze bezokwazi ukufeza izifiso zabaphathi beqembu zokubuyisa injabulo eqenjini.