Ngo-Ephreli nonyaka, kwaputshuka izindaba ezajabulisa iningi labalandeli beKaizer Chiefs kuxoshwa umqeqeshi uStuart Baxter.

UBaxter wayexoshelwa ukubhacaza, sekubonakala nokuthi kuzophela isizini iqembu lilambatha. Amakhosi akhishwa kusakhanya kwiMTN 8 neNedbank Cup, kanti nakwiligi bekumnyama kakhulu kwazise ushiye iqembu lihlele endaweni yesihlanu.

Wahamba sekushube kakhulu uBaxter esethukwa abalandeli ngemuva komdlalo weligi iChiefs ibhaxwa iSuperSport ngo 1-0.

Ekhuluma nabeDiskiTimes, uBaxter ukuvezile ukuthi kungenzeka wathatha ngamacala ebuyela eNaturena kodwa usafuna ukuqeqesha eNingizimu Afrika.

“Akhona amaqembu angifunayo, nami ngisabheka okubukeka kungcono. Ngacabanga ukuthi ukubuyela kwiChiefs kuyicebo elihle yini noma kusafanele ngidle amathambo engqondo kuqala.

Kungenzeka ngingalitholi elinye iqembu uma ngiyekela ukuthatha isinqumo manje. Ngizogcina sengizisola ngokuyekela umsebenzi ebenginikezwe wona.

Okwamanje ngisenayo intshisekelo yokuvika izinhlamba engibhekana nazo uma ngihluleka. Ngiyafuna ukuqeqesha, angeke ngiyeke uma ngisafuna. Angifuni ukujasha, u-Arsene Wenger wangixwayisa ngokuqinisa ikhanda ngoba wabhekana nesimo esifanayo kwi-Arsenal,” kubeka uBaxter.

UBaxter uthi usazohlala ekuqeqesheni ngoba uyazi ukuthi ibhola lamanje lisebenza kanjani.

“Ngizozibuka mina ngibone ukuthi ngisenayo yini intshisekelo yokuqhubeka. Uma ngisewumqema, ngizoqhubeka. Ngiyaliqonda ibhola lamanje. Angeke ngigxile kwi-4-4-2 eyayisebenza eminyakeni engu-15 eyedlule.

Ngingamelana noshintsho nezinguquko ebholeni. Ngiyalazi ibhola. Ngingamelana nebhola laseNingizimu Afrika. Ngangizitshela ukuthi kuzoba lula ukuqeqesha iChiefs ngoba bengibuya kuyo ngaphambili,” kusho uBaxter.