Njengoba iKaizer Chiefs imatasa nganalungiselelo okukhanda iqembu elizolwela iligi ngesizini ezayo, umqeqeshi obambile u-Arthur Zwane uthi abekho abadlali abasezingeni eliphezulu emakethe, okuchaza ukuthi izinga lebhola laseNingizimu Afrika lehlile kakhulu.
Abaphathi beChiefs bengavuma nabo ukuthi iqembu alikhombisanga ukuvuthwa nakulesizini. Amakhosi akhishwa ngokusa kwiMTN 8 neNedbank Cup. Izinto azihambi kahle kwiligi njengoba behleli endaweni yesine, ngaphansi kwamaqembu asethubeni lokungena kwiCAF Champions League.
IChiefs ishaye iSekhukhune United ngo 1-0 kulempelasonto. Kuyimanje izikhulu Seziqale phansi ngezinhlelo zesizini ka-2022/23. Sekubhalwe namagama abadlali okungenzeka bafike eNaturena uma kuqala isizini ezayo.
UZwane uthi abekho abadlali abasezingeni emakethe. Uphinde wakhala ngokuthi abadlali abaningi basindwa yijezi uma sebefike kwiChiefs.
“Kufanele sithenge abadlali abambalwa, kuyaphoqa. Kudingeka abadlali abazomelana nengcindezi yokudlalela iChiefs. Ngebhadi, bancane abadlali abasezingeni lokudlalela iqembu elikhulu njengeChiefs. Angeke bamelane nengcindezi yokudlalela leliqembu.
Siyathungatha, sibheka ezinkulisa, siyaqinisekisa ukuthi sithola abadlali abasezingeni abazosiza abadlali abasebancane esinabo ngoba bayo kusasa leqembu,” kubeka uZwane.
Ebuzwa ngokwehla kwezinga lebhola kuleli, uZwane uphendule kanje.
“Inkinga enkulu leyo ngisho nakwamanye amaqembu. Ngisho neqembu lesizwe liyabhacaza. Uma i-Orlando Pirates neChiefs bengakwazi ukulwisana neMamelodi Sundowns, izinga lebhola liyehla.
Ziningi izizathu nezingqinamba ezivimba ukuthi siqhubekele phambili siyisizwe. Sithemba ukuthi sizozishintsha izinto. Kudingeka abadlali abasezingeni eliphezulu, abakulungele ukudlalela iChiefs. Kuyenzeka izinga lomdlali libonakale kodwa abhacaze uma esefika kwiChiefs,” kusho uZwane.