UGrant Magerman uthi iMamelodi Mamelodi yamjuma engalindele ngesikhathi esebolekiswa kwiSwallows ekuqaleni kwesizini ka-2021/22.
UMagerman uthi wayesepakishe nemithwalo yakhe esebheke kwiStellenbosch FC, kwajika izinto esefonelwa imenenja yakhe eyamtshela ngezinhlelo zeSundowns ezintsha.
Lomdlali wahlala isizini eyodwa kwiSundowns, wawina iligi yize edlale emidlalweni emithathu isizini yonke.
Ekhuluma nabeDiski Times, uMagerman ubeke kanje:
“Ngangizitshela ukuthi ngizojoyina iStellenbosch FC ngoba ngakhuluma nomqeqeshi noSihlalo weqembu. Imenenja yami yakhuluma nesikhulu seqembu.
Kwakusele kancane siqedele isivumelwano, ngase ngilindele kuphele izingxoxo phakathi kweStellenbosch neSundowns. Ngesikhathi sengilungiselela ukubhekisa amabombo eKapa, ngafonelwa imenenja yami yangitshela ngodaba lweSwallows.
Ngavukela emahhovisini eSundowns ngiyokhuluma nabaphathi. Ngabatshela ukuthi ngidinga isikhathi sikucabanga. Ngangifuna ukuya eKapa ngoba kusondelene nomndeni wami, futhi ngizohlaliseka kahle.
Ngakhuluma noThlopie onguSihlalo weqembu, ngasala nesinqumo sokujoyina iSwallows. Wangibonisa ukuthi ukubuyela eKapa kuzofana nokulala ithawula ngoba ngihlale iminyaka eminingi ngisadlala kwi-Ajax Cape Town,” kubeka uMagerman.