Ngemuva kwesonto elidumise indawo yaseKapa ngezindaba ezibuhlungu, iStellenbosch FC neCape Town City bazofuna ukubuyisa injabulo emdlalweni womkhaya eDanie Craven Stadium ngoMgqibelo.
Womabili lamaqembu ashaye ingcwenga yebhola kulesizini, iCity ifuna ukuqeda endaweni yesibili ingene kwiCAF Champions League, iStellenbosch sizoqeda endaweni yesihlanu uma kuvuma imiphumela ngosuku lokugcina.
Eminye imidlalo yomkhaya inomlando wokungazwani phakathi kwamaqembu kodwa lomdlalo ugqamisa ubungani.
Lomdlalo usemusha emehlweni abantu kwazise iStellenbosch siqeda isizini yesithathu kwiligi. ICape Town City isungulwe eminyakeni engu-8 eyedlule ngemuva kwengxabano yomndeni eyadala ukuthi uJohn Comitis alaxaze iCape Town Spurs, asungule ICityzens.
Lomdlali ungowokubungaza ibhola laseKapa, uzophinde unikeze abadlali abasebancane ithuba lokudlala esigabeni esiphezulu.
“Siyazwana kakhulu neCape Town City. Kuyenzeka sichithe isikhathi nayo, sidlale imidlalo yobungani. Amaqembu ayazwana kakhulu. Lokho kuyalikhulisa ibhola laseKapa nesifunda.
Liningi ithalente eWestern Cape, abadlali banethuba lokuziveza emaqenjini akuPSL. Ngibona ukuthi baningi abadlali abazogqugquzeleka, ikakhulukazi iqembu eliselisha njengathi. Ngiyathemba abadlali bazofuna ukudlalela iCity neStellenbosch, baphume ezinsizini.
Kubuhlungu ukudlula esikoleni esinomlando webhola lombhoxo iPaul Roos, ngibone izingane zidlala ibhola uma zisekhefini. Ngiyathemba ukuthi lezongane zizolithola ithuba uma lamaqembu eqhubeka nokudlala kahle,” kusho uBarker.
UBarker uthembele ku-Ashley Du Preez noJayden Adams ukuthi bahluphe iCityzens ngoMgqibelo. Umqeqeshi weCity u-Eric Tinkler kungenzeka adlalise abafana abancane njengoTaahir Goedeman, Mogamat May, Jaeden Rhodes noPatrick Fisher.