Inkakha yeKaizer Chiefs, uDoctor Khumalo, isiveze ukuthi kunabadlali abayisithupha umqeqeshi omusha uNasreddine Nabi asecele ukuthi babolekiswe.

Lo mqeqeshi odabuka eTunisia nethimba lakhe bamatasa bapheka abadlali beChiefs ekhempini yokulungiselela isizini ka-2024/25 eTurkey.

UDoctor, osasondelene nabaphathi beChiefs, udalule ezinye izinhlelo zeChiefs kwiSoccer Zone ngoMsombuluko.

“Ngithole ukuthi abaqeqeshi abasha bazimisele ngokusebenza nentsha…ngiwabonile futhi namagama abadlali okucelwa ukuthi babolekiswe, bayisithupha – akuyonda indawo yami ukuthi ngiveze amagama abadlali – kodwa bayisithupha.” kuchaza uDoctor.

“Ababili kubo balimele njengamanje, abayanga eTurkey ngenxa yokulimala.

“Engingakusho futhi ukuthi sengiyabona kungani iKaizer Chiefs izame ukuthola laba baqeqeshi. Mkhulu umehluko engiwubonayo.

Ngokwemibiko yakamuva iChiefs isazama ukusayinisa okungenani umgadli oyedwa nomdlali oyedwa wasesiswini.

Khonamanjalo, kulindeleke ukuthi iChiefs yethule ijezi lesizini ka-2024/25 kuleli sonto.