ULyle Foster uthi umjabhisile umphumela wokuhlulwa iMorocco yize eshaye igoli lakhe lokuqala kwiBafana Bafana.

IBafana ishaywe ngo -2-1 emdlalweni wokuhlungela i-AFCON 2023 eRabat yize kuyiwe ekhefini ihamba phambili ngegoli elilodwa.

UFoster (21) ushaye igoli lokuqala emdlalweni ngomzuzu ka-8. Ama-Atlas Lions abuye ngamandla esiwombeni sesibili, eshaya amagoli amabili. IBafana ibingaphansi kwengcindezi, kusize unozinti uRonwen Williams evimba amanye amabhola abeyingozi.

“Sidlale kahle, umphumela womdlalo ube yibhadi. Kufanele sikhohlwe ngalomphumela, siyolungisa amaphutha emaqenjini ethu ukuze sizonqoba emidlalweni emibili yeLiberia.

Kungijabulisile ukushaya igoli lami lokuqala kwiBafana, bengijabule kakhulu, Umndeni wami nomphakathi wangakithi ubujabule. Ngikhungathekile ngoba asiwinanga emdlalweni,” kubeka uFoster ecashunwa i-website yeSAFA.

Lomgadli weWesterlo yaseBelgium uthi uzakwabo uSphephelo Sithole ubemgqugquzela isonto lonke ejimini, emtshela ukuthi uzoshaya igoli kwiMorocco.

USithole uyena okhande igoli likaFoster, ukhiphe ingcwenga yephasi esesiswini, yahlangana nalomgadli obingelele inethi kalula.

“UYaya ubengigqugquzela isonto lonke ejimini, engitshela ukuthi angishaye igoli. Ubengikhuthaza ethi liyeza igoli, ngijabule kakhulu ngoba uyena ongiphasele ibhola ngashaya igoli,” kubeka uFoster.

UFoster uthi sekuyaphoqa ukuthi bayinqobe yomibili imidlalo neLiberia ngoSepthemba uma bezimisele ngokulibangisa kwi-AFCON 2023 e-Ivory Coast.

“Siyakwazi okufanele sikwenze ngoSepthemba. Angiphoxekanga ngendlela esidlale ngayo. Sizikhandlile. Sidlale neqembu leMorocco eliqinile, kuhle lokho. Ngiyathemba sizoyinqoba yomibili imidlalo ngoSepthemba,” kusho uFoster.