USihlalo weMaritzburg United uFarouk Kadodia uthi kuyimpoqo ukuthi iqembu lidayise abadlali abayizethenjwa ngoba iyona indlela abasimama ngayo leyo.
ITeam of Choice idayise uRichard Ofori, Bandile Shandu, Thabiso Kutumela, Bongokuhle Hlongwane noRushine De Reuck kumasizini adlule.
Bonke labadlali ababaliwe bayizinsika zeBafana Bafana. U-Ofori uyisethenjwa sikanozinti kwiGhana. UShandu no-Ofori bayinsika kwi-Orlando Pirates, uDe Reuck noKutumela bayibamba kwiSundowns, uHlongwane udlala kwiMinnesota United e-United States.
“Sidayise abadlali eminyakeni eyedlule ngoba sidinga imali. Ngabe asisadlali kwiligi ukube besingabadayisi abadlali. Kulonyaka abekho abadlali esesibakhombile ukuthi sizobadayisa. Ama-agent afaka ingcindezi emaqenjini, awaqondi ukuthi amaqembu abhekene nobunzima,” kubeka uKadodia ekhuluma nabezindaba.
UKadodia uthi bekufanele baxoshe u-Ernst Middendorp ngoba akafuni ukubona iqembu lihlezi livika izembe.
IMaritzburg iqashe uJohn Maduka osize iRoyal AM yaqeda endaweni yesithathu kwiDSTV Premiership ngesizini ka-2021/22.
UKadodia uthi iMaritzburg idonsa kanzima njengoba ingenabo abaxhasi. Ijezi leTeam of Choice libhalwe iGift of the Givers, okuyinhlangano engenzi inzuzo.
“Eminyakeni engu-8 eyedlule sisebenza ngemali ekalekile. Asinabo abaxhasi, amaqembu amaningi adonsa kanzima ngoba abaxhasi abekho. Kufanele silawule iqembu sisebenzisa lemali encabe esinayo,” kubeka uKadodia.